Kudutshulwe 2 wabesifazane bedunwa ePitoli

2017-02-13 11:33

Pretoria - Kulimale abantu besifazane ababili, oyedwa wabo usesimeni esibucayi kulandela ukudutshulwa ngesikhathi kudunwa imoto ePitoli.

Okhulumela abosizo lokuqala iNetcare911 uChris Botha uthe abezimo eziphuthumayo baphuthume endaweni yesigameko ngezithuba zabo-02:00 ngoMgqibelo, kubika iRekord East.

"Imibiko evela endaweni yesigameko iveza ukuthi la bantu besifazane bebehamba ngemoto ngesikhathi kuqhamuka abantu abangaziwa bezama ukubaduna.

OLUNYE UDABA: Kudunwe imoto yezintatheli eNorth West

"Imininingwane ephelele yesigameko izoba yingxenye yophenyo lwamaphoyisa," kusho uBotha.

Lokhu kuza ngemuva kokuba amaphoyisa eqinisekise ukuthi imoto yebiwe.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Zanele Mtsweni uthe kuphenywa icala lokuduna nokuzama ukubulala.

"Kwebiwe imoto yohlobo lwe-Opel Corsa Lite emnyama," kusho uMtsweni.

Uthe ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko, umshayeli ubelele phansi eceleni kwemoto enenxeba elibi lokudutshulwa.

"Obehamba nalo mshayeli yena utholwe budebuduze nasendaweni yesigameko, esigangeni esesimeni esibucayi.

"Abosizo lokuqala basebenze ngokuzikhandla bemxilonga ngaphambi kokubaphuthumisa bobabili esibhedlela."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.