Kudutshulwe abantu ababili bethenga kwa-KFC

2017-09-22 07:02

Johannesburg - Kudutshulwe indoda nowesifazane ngesikhathi bethenga ngewindi esitolo sokudlela sakwa-KFC, eSpringsgate ngoLwesithathu.

Ngokusho kwalowo okhulumela amaphoyisa aseSprings, uCaptain Johannes Ramphora, le ndoda idutshulwe amahlandla amahlanu, kwathi owesifazane yena wadutshulwa kanye, kubika iSprings Advertiser.

Le ndoda ibisemotweni nodadewabo ngesikhathi kuqhamuka amadoda abehlomile, avulele ngenhlamvu ebhekise kubo. Badutshulwe ngezithuba zabo-20:20.

OLUNYE UDABA:Babuyela enkantolo abashaya izithandani esitolo sakwa-KFC

"Le ndoda, ebishayela, idutshulwe emzimbeni, owesifazane yena wadutshulwa esiswini," kusho uRamaphora.

Zombili izisulu ziphuthunyiswe esibhedlela esiseduze ziyolashwa.

Amadoda abehlomile abaleke ngemoto yohlobo lwe-BMW endaweni yesigameko.

Imbangela yesigameko sokudubula ayaziwa. Kuvulwe icala lokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa.

"Imbangela yesigameko iyaphenywa," kusho uRamphora.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.