Kudutshulwe abantu abathathu ehostela laseGlebelands

2017-10-23 14:01

eThekwini - Kudutshulwe kwalinyazwa abantu abathathu ehostela laseGlebelands, eningizimu yeTheku, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko, kubika iThe Citizen.

Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu ebusuku ngo-22:00, ngemuva kwamahora ambalwa kukhishwe isimemezelo sokuthi ikhomishana kaMoerana inikezwe igunya lokuqhubeka nokuphenya amacala okubulala ahambisana nezepolitiki kulesi sifundazwe.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe: "Abadutshuliwe balimele kabi futhi baphuthunyiswe esibhedlela lapho bethola khona ukwelashwa. Kuvulwe icala lokuzama ukubulala emaphoyiseni aseMlazi."

OLUNYE UDABA: Akukaboshwa muntu ngababili ababulawe eGlebelands

Leli hostela lithathwa njengehostela elinodlame kakhulu kuleli kanti igama lalo lilokhu livele njalo njengoba kuqhubeka uphenyo lwale khomishana.

Ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe kule khomishana, uSihlalo we-ANC kulesi sifundazwe uSihle Zikalala ngoLwesihlanu uthe lokhu okwenzeka kuleli hostela kuyisilonda esibi kakhulu kuKhongolose.

Le khomishana bekumele igoqe ngesonto eledlule, kodwa yacela yaphinde yagunyazwa ukuba iqhubeke nomsebenzi kuze kube wuMashi 2018.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.