Kushone inqwaba yabantu ushayasibhamu evulela ngenhlamvu eMall

2016-07-23 09:00

Munich – Ushayasibhamu ugasele kwinxanxathela yezitolo eningizimu nedolobha laseMunich eGermany ngoLwesihlanu.

Ngokwemibiko ye-Timeslive, amaphoyisa athi balinganiselwa kwisishiyagalolunye abantu abashonile kanti bayishumi nesithupha abalimele.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa abantu eThekwini

“Sisola sengathi sibhekene namadelakufa adubula budlabha. Umsolwa utholakale eseshonile kanti kusolakala sengathi uzidubule yena ngesikhali sakhe,” kusho amaphoyisa.

Lo msolwa ungokuzalwa kulo leli lizwe kanti uneminyaka engu-18 ubudala. Okwamanje akukacaci ukuthi uyingxenye yamadelakufa amaMuzilemu noma cha.

Ukudubula kuqale endaweni yokudlela i-McDonald futhi abasalwa bebesadubula ngesikhathi kufika amaphoyisa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.