Kudutshulwe amadoda amabili alimala ngasesiteshini sesitimela eGoli

2018-03-15 12:30

Johannesburg - Kudutshulwe amadoda amabili alimala kulesi sigameko esenzeke eduzane nesiteshi sesitimela i-Apex eBenoni izolo.

Ngokusho kwabosizo lokuqala bakwa-ER24, ngesikhathi befika endaweni yesigameko bafice amadoda amabili abenamanxeba okudutshulwa.

URussel Meiring we-ER24 uthe oyedwa kula madoda utholwe esesimweni esibucayi njengoba ebenenqwaba yamanxeba okudutshulwa.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe amadoda amabili endaweni yokungcebeleka iFountains ePitoli

Enye indoda okukholakala ukuthi ineminyaka engu-60 ubudala, itholwe inamanxeba amabi okudutshulwa emzimbeni.

"Womabili la madoda alashwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela," kusho uMeiring.

Abazibonele kwenzeka isigameko bathi womabili la madoda abesesitimeleni ngesikhathi kwenzeka isigameko.

Imbangela yesigameko ibingakaziwa okwamanje.

 - Daily Sun

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.