Kudutshulwe amadoda amabili endaweni yokungcebeleka iFountains ePitoli

2017-09-04 11:05

Pretoria - Kudutshulwe kwalinyazwa amadoda amabili endaweni yokungcebeleka iFountains Valley ePitoli.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Mandlakayise Zwane uthe imbangela yokuhlaselwa kwalaba ayikacaci kahle.

"Kuthiwa umsolwa uvulele ngenhlamvu kulawa madoda amabili kule ndawo ngaphambi kokuthi abaleke ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe indodakazi phambi kwayise e-KZN

Owesilisa oyedwa udutshulwe esiswini kanti lo omunye udutshulwe umlenze. Bobabili baphuthunyiswe esibhedlela iSteve Biko kanye neKalafong.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi i Rekord East amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala kanti akukaboshwa muntu okwamanje.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.