Kudutshulwe amadoda amabili erenki yamatekisi eCenturion

2017-11-25 13:02

Pretoria – Kudutshulwe amadoda amabili ashona kwathi eyesithathu yaphuthunyiswa esibhedlela, ngemuva kokuthi oshayasibhamu begasele erenki yamatekisi bavulela ngenhlamvu.

Lesi sigameko senzeke erenki engekuSouth Street, eCenturion, ngoLwesihlanu ebusuku.

Okhulumela abakwa-ER24, uWerner Vermaak, uthe abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko ngabo-17:40, bathola amadoda amabili edutshulwe amahlandla amaningi.

"Womabili abengasatshengisi zimpawu zokuphila. Bekungekho obekungasenziwa abosizo lokuqala ukubasindisa base behlonzwa njengabashonile khona endaweni yesigameko.”

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi eSoweto

Okhulumea amaphoyisa uCaptain David Miller, usiqinisekisile lesi sehlakalo.

"Imoto emhlophe yohlobo lweToyota Etios ebinamadoda amahlanu ngaphakathi ingene erenki yamatekisi, kwaphuma amadoda amane abe eseyaqala evulela ngenhlamvu,” kusho uMiller.

UMiller uthe ngemuva kwalokho, la madoda abe esebuyela emotweni, yashya yachitha.

Abazibonele kwenzeka lesi sigameko bathi bezwe ukuqhuma kwesibhamu, babona amadoda amabili ewela phansi.

UMiller uthe imbangela yalesi sigameko ayikaziwa okwamanje, wathi leli cala lidluliselwe ophikweni oluphenya ngezigameko ezihlobene nodlame lwamatekisi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.