Kudutshulwe amaphoyisa amathathu nonogada ethaveni

2017-07-31 12:33

Cape Town – Kudutshulwe kwalinyazwa amaphoyisa amathathu kanye nonogada esigamekweni sokuphanga esenzeke ngoMsombuluko ekuseni, ngasePhilippi eKapa.

Izigebengu ezine ziboshiwe ngemuva kokuba ingahambanga kahle imizamo yazo yokubamba inkunzi iBrowns Farm Tavern.

Amaphoyisa avalele abasolwa ekhoneni ngemuva kokubafica endaweni yesigameko.

Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uLieutenant Colonel Andrè Traut uthi izigebengu zidubule zabhekisa emaphoyiseni, kwalimala amaphoyisa amathathu kanye nonogada.

OLUNYE UDABA: Ithi ngeke ixolise indodana kaZuma

Womane amaphoyisa angeniswe esibhedlela

"Kubizwe amalungu eSpecial Task Force endaweni yesigameko ukuzokhipha abasolwa ebebehlomile becashe ngaphakathi ethaveni. Kube sekuboshwa abasolwa, abaneminyaka ephakathi kuka-33 no-35 ubudala, kwashaqwa kubona nesibhamu esisodwa.” Kusho uTraut.

Uphenyo luyaqhubeka kanti abasolwa kulindeleke bavele enkantolo ngecala lokuzama ukubulala nokuzama ukuphanga uma sebethweswe icala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.