Kudutshulwe esinye sezigebengu ebeziyobamba inkunzi

2017-02-02 14:32

Pretoria - Amadoda amathathu agasele esitolo sesisentshonalanga nedolobha iPitoli ehlomile, kanti awabuzanga elangeni njengoba kuphethe ngokuthi kudubuleke enye yawo.

La madoda afike kulelisi sitolo ngoLwesibili endaweni yaseHercules afuna ukugebenga umnikazi waso ongowokudabuka kwelasePakistan.

Ngokombiko wamaphoyisa, lo mlisa wasePakistan ubehamba nesisebenzi sakhe bebuya kofaka imali ebhange ngesikhathi behlaselwa.

“Bathe sebebuya ebhange bezongena ngesango lalapho besebenzela khona bavinjezelwa yimoto emhlophe yohlobo lweToyota,” kusho uCaptain Augustinah Selepe okhulumela amaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe umhlengikazi owabulala isiguli ngoba efuna umholo

Kuthiwa abemane amadoda akule moto, kodwa kuphume amathathu ehlomile kwasala umshayeli.

Laba bangene ngenkani kuleli bhizinisi kanti oyedwa wabasolwa ukhombe umnikazi waleli bhizinisi ngesibhamu.

“Lo somabhizinisi ukhiphe esakhe isibhamu kwadutshulwana. Umsolwa udutshulwe washonela khona lapha. Abasolwa ababili babuyele emotweni babaleka.”

Abazibonele ngawabo bathi oyedwa wabasolwa ababalekile ubezibambe ingalo kubonakala sengathi ulimele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.