Kudutshulwe indodakazi phambi kwayise e-KZN

2017-06-02 17:59

Durban -  Libone lukhulu ikhehla, 70, elingakwazi ukukhuluma, elikhubazekile ngokomqondo, laKwangcongangconga, eBhamshela, enyakatho yeTheku ngesikhathi kudutshulwa kubulawa indodakazi yalo phambi kwalo qeda lahlala nesidumbu saze sonakala endlini.

Isidumbu sikaNkz Bonisiwe Ngcobo, 40, okusolwa ukuthi kungene abasolwa ababili abangaziwa bamdubula kukhona uyise endlini, sitholakale ngoLwesibili sesonakele. Kakwaziwa ukuthi uNgcobo udutshulwe nini.

ILANGA lithole ukuthi ubeziphilisa ngokudayisa, ehlala kubonoyise uMthembeni Ngcobo. Kuthiwa uBab'uNgcobo ubone kuhamba izinsuku indodakazi yakhe ilokhu ilele endaweni eyodwa ingayakazi wabe eseyobikela umndeni wakhe ohlala kwesinye isigodi. 

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulala umama nengane yakhe

Udadewabo kamufi, uThulile Ngcobo, uthi ubegcine ukukhuluma naye ocingweni ngomhlaka-21 Meyi, kungekho akhala ngakho futhi akaze ababikele ukuthi kunabantu angezwani nabo.

Uthi njengoba udadewabo ebehlala noyise yena ubehlala nonina komunye umuzi wakubo abawakhelwa nguyise esasebenza eChibini khona eBhamshela.

"Sethuke sacishe sashayeka phansi ngoLwesibili phakathi kwamabili sesilele kufika ubaba ekhaya ebusuku ejuluke emanzi te, edavuza ngezinyawo. Ngenxa yokuthi akakwazi ukukhuluma, uze walala engasichazelanga ukuthi yini le emhlambisa ebusuku.

 "Kuze kwaba yingakusasa ekuseni lapho ezama khona ukukhomba ngesandla ukuthi kukhona umonakalo owenzekile ekhaya," kusho udadewabo kamufi.

Uthi unina unikele kubo lapho kwenzeke khona umonakalo, ehamba naye uyise. Utshele ILANGA ukuthi bahlangatshezwa yiphunga bengena egcekeni okuthe uma bengena endlini kadadewabo bazithela phezu kwesidumbu sinamanxeba okudutshulwa.

Uyise uhlulekile wukubachazela ngokwenzekile, ubelokhu ebakhombisa iminwe emibili nesibhamu, okwenza basole ukuthi ababulali bakadedewabo bebebabili bephethe isibhamu.

Udadewabo kamufi uthi akuthathwanga lutho endlini, umakhalelkhukhwini, wumabonakude nemali nokunye bekukhona. Uthi endlini kamufi kazikho izimpawu ezikhombisa ukuthi kugqekeziwe nomakhelwane bathi abezwanga msindo.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe sekuvulwe icala lokubulala kanti amaphoyisa asenza uphenyo.

"Bekungakaboshwa muntu."

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.