Kudutshulwe kwabulawa abane kuMemulo

2016-07-04 11:31

Durban - Asashaqekile namanje amalungu omphakathi waseNdaba KwaMaphumulo, enyakatho yeKwaZulu-Natal, kulandela ukubulawa kwabesilisa abane besememulweni ngoMgqibelo.

Iphephandaba ILANGA libika ukuthi bekunomemulo wendodakazi yakwaCele kule ndawo ngesikhathi kusuka izidubedube. Izihlobo nabangani kuthiwa bahambe isimo sesimuncu, bebaleka.

Kuthiwa kuqale kwabulawa abathathu ntambama lingakashoni ilanga.

Kuthe sekulelwe ngezintathakusa kwafika amadoda angaziwa ehamba egaklaza izicabha angena egunjini elithile, obekulele kulona abafana bakhona, adubula abulala uKwanele Khumalo, 33, abesebaleka.

Funda nalolu daba: Baphila ngokwesaba abashayeli bamatekisi

Kuthiwa uKhumalo ulale kwaCele ngoba esaba ukuhamba ebusuku kulandela ukubulawa kwabantu abatathu ntambama.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aKwaMaphumulo ayaphenya ngokubulawa kwabantu.

Uthi ababili kwabathathu bashonele endaweni yesigameko.

Imbangela yesigemeko ibingakaziwa kodwa kusolwa ukuthi kubenengxabano ngesikhathi kuziwa emcimbini.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.