Johannesburg - Amaphoyisa ase-Eastern Cape adubule abulala abasolwa abane abasolwa ngokuphanga ngoLwesithathu ebusuku.
La basolwa badutshulwe ngaphandle kwasoLusikisiki ngesikhathi bebheke eMargate.
Abasolwa kusolwa ukuthi babambe inkunzi isitolo iBoxer Store oLusikisiki imali engu-R59 000 ngoMsombuluko ekuseni ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe abasolwa ebebdubulana namaphoyisa
Okhulumela oKlebe uBrigadier Hangwani Mulaudzi uthe amaphoyisa ancinzwe indlebe ngokuthi bangakuphi abasolwa nokuthi bahlele ukwenza ngoLwesithathu.
"Amaphoyisa abe esoLusikisiki esebenzisana neNational Intervention Unit abe alusukumela phezulu udaba. INIU yathola abasolwa besemotweni emgwaqeni azama ukuyimisa kodwa abasolwa bavulela ngenganono bebhekise emaphoyiseni.
"La malungu eNIU aziphindiselela adubula abulala abasolwa abane," kusho uMulaudzi.
UMulaudzi uthe bathole izibhamu ezintathu nemali engu-R6 000 endaweni yesigameko, kubika iTimeslive.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter