Kudutshulwe kwabulawa amadoda amathathu asolwa ngokubulala iphoyisa eKZN

2018-03-08 12:32

eThekwini -  Amaphoyisa adubule abulala amadoda amathathu okukholakala ukuthi ayabandakanyeka esigamekweni sokugetshengwa kwebhizinisi.

Kulesi sigameko sokugetshengwa kwebhezinisi esenzeka KwaMaphumulo, iqulu lamadoda ligasela esitolo samathuluzi okwakha agebenga abasebenzi isamba semali esingaziwa ngaphambi kokuba adlulele esitolo esikhulu engena ngomnyango wangemuva.

Kwathi la basolwa babona uCaptain Dumsani Mhlanzi nokho owayengasebenzi ngaleso sikhathi, badubula bebhekise ngakuye.

Abasolwa badubula balimaza uMhlanzi ngesikhathi sebebaleka beyongena emotweni yabo.

OLUNYE UDABA:Bazovela abathumbe owesimame kwaMaphumulo beyomganisa eBergville

Amaphoyisa ophiko lweDurban Organised Crime neNational Intervention Unit abelandela umkhondo wequlu lamadoda ayekhona ngesikhathi kugetshengwa ibhizinisi nokuyilapho okwabulawa khona uMhlanzi.

Amaphoyisa alandele umkhondo wala madoda aze awathola elokishini KwaMashu, enyakatho yeThekwini.

"Ngesikhathi amaphoyisa eya kulaba basolwa, bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni. Amaphoyisa nawo aphindisele ngayo inhlamvu, kwashona abathathu," kusho amaphoyisa ngesitatimende.

Uphenyo lwamaphoyisa luwaholele kumsolwa wesine otholakale eNtuzuma okukholakala ukuthi naye uyabandakanyeka kulesi sigameko.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.