Kudutshulwe kwabulawa ikhansela laseMkhambathini

2017-08-31 11:02

Pietermaritzburg - UMasipala waseMkhambathini ngaphandle kwaseMgungundlovu usemakhandleleni kulandela ukudlula emhlabeni kwekhansela lawo.

Ikhansela uKwazi Mkhize lidutshulwe labulawa ngesikhathi liphuma ehholo lomphakathi iNkanyezi, liphuma emhlanganweni wayizolo ebusuku.

Amaphoyisa ophiko loKlebe aphenya icala lokubulala kanti bekungakaboshwa muntu.

OLUNYE UDABA:Ikhansela lisolwa ngokudubula umfundi kunombhikisho

Okhulumela ihhovisi leMeya uBuyi Mthiyane uthe uMasipala ushaqekile.

"Sibuhlungu futhi sishaqekile ngokuzwa izindaba ezimbi ngekhansela, uKwazikwakhe Mkhize. Akukholakali  ukuthi indoda esencane kangaka, eneminyaka engu-34 ubudala, ebisebenza ngokuzikhandla, ayisekho. Akukukholakali kuthina. Sisendleleni singamakhansela nabasebenzi siyokhalisana nomndeni," usho njalo.

- Newswatch


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.