Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa eKhayelitsha

2018-02-02 12:30

Cape Town - Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa elineminyaka engu-45 ubudala eKhayelitsha, eKapa, izolo ebusuku esigamekweni sokuphanga, kusho amaphoyisa ophiko lwe-South African Police Services (SAPS).

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Andre Traut uthe iphoyisa elibulewe belingekho emsebenzini ngesikhathi sesigameko.

Esitatimendeni esikhishwe wuLieutenant Colonel Andre Traut ngoLwesihlanu, amaphoyisa athe leli phoyisa lidutshulwe ngezithuba zabo-20:35 ngaphandle komuzi okuJama Street, eSite B eKhayelitsha.

Leli phoyisa belisebenzela esiteshini samaphoyisa aseLentegeur.

OLUNYE UDABA:Kubulawe iphoyisa lisemsebenzini eShowe

Amaphoyisa athe umufi uhlaselwe ngamadoda amabili abehlomile amufuna isibhamu sakhe, abengasiphethe ngaleso sikhathi. Umufi ubesishiye esiteshini samaphoyisa lapho abesigcinwe khona. Amaphoyisa aphinde athi umufi ube esedutshulwa ebulawa.

Izigebengu zebe isamba semali esingaziwa kuleli phoyisa kanjalo neselula ngaphambi kokubaleka, kusho amaphoyisa.

"Sizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abasolwa ababaili abadubule babulala omunye wethu izolo ebusuku eKhayelitsha bayaboshwa," kusho uKhomishana wamaPhoyisa eWestern Cape, u-Colonel KE Jula.

"Onolwazi ngokwenzekile uyacelwa ukuba axhumane namaphoyisa ngokushayela uCrime Stop ku-08600 10111."   


 - African News Agency/ANA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.