Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa lingekho emsebenzini

2018-04-07 14:37

Mount Frere – Iphoyisa ebelingekho emsebenzini lidutshulwe labulawa emgwaqeni omkhulu edolobheni laseMount Frere, ngaphambi kwehora lesihlanu ngoMgqibelo ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Edith Mjoko, uthe amaphoyisa asendaweni yesigameko ahlola isimo mayelana nokwenzekile ukuze aqoqe ubufakazi obuzosiza kuboshwe abasolwa.

Uhi leli phoyisa elineminyaka engu-36 ubudala belisebenzela uphiko lwabaseshi eMount Frere SAPS-Detective Services, lihlaselwa ngabasolwa abangaziwa futhi litholakale linamanxeba okudutshulwa emzimbeni.

OLUNYE UDABA:Ushonile obelwa nesoka lakhe behlomelene ngemimmese

UKhomishana wamaphoyisa kulesi sifundazwe uMajor General Andre Swart udlulise amazwi enduduzo emndenini, kubangani kanye nakuzakwabo kamufi ngalokhu okwenzekile.

"Amaphoyisa asaphenya mayelana nalesi sigameko futhi sizosebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukuze kubanjwe abasolwa,"kusho yena.

Uma kukhona ufakazi noma onolwazi ngalokhu okwenzekeli, angaxhumana namaphoyisa aseduze naye.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.