Kudutshulwe kwabulawa isigebengu ebesizobamba inkunzi endlini

2018-04-03 16:01

Durban – Obezama ukuphanga emzini womuntu udutshulwe wabulawa, kwathi abanye ababili balimala ePinetown ngoMsombuluko ebusuku ngesikhathi.

Kulesi sigameko, owesifazane oneminyaka engu-72 ubudala udutshulwe yizigebengu walimala.

Imibiko engaqinisekisiwe ithi abesilisa abathathu bangene endlini eku-Padfield Park bephethe izibhamu. Owesifazane ohlala yedwa, oqashile kulo muzi, uyena obehlaselwa. 

Umnikazi womuzi okamakhelwane uzwe umsindo, waphumela ngaphandle. Kuthiwa kube nokudubulana phakathi kwakhe nezigebengu.

UGarrith Jamieson weRescue Care uthi baphuthume endaweni yesigameko ngezithuba zabo-20:00.

OLUNYE UDABA: Kushone 6 wabantu engozini yemoto 

Abosizo lokuqala bathole owesifazane, umnikazi womuzi, bedutshuliwe, belimele.

Owesifazane ubesesimeni esibucayi, kusho uJamieson.

 "Oyedwa wabasolwa, udutshulwe wabulawa. Omunye obelimele uthole usizo lokuqala ngaphambi kokuba ayiswe esibhedlela nokuyilapho egadwe khona amaphoyisa,” esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uThembeka Mbhele usiqinisekisile isigameko.

- Daily News

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.