Kudutshulwe kwabulawa obeyikhansela

2017-10-02 15:59

Durban - Uphele sekumuncu umcimbi kaMasipala waseMtubatuba, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal kudutshulwa ekhanda kubulawa owesilisa oke waba yikhansela le-African National Congress (ANC) ngoMgqibelo ngezithuba zehora lesi-7 kusihlwa.

UMnu Bonga Msomi,51, udutshulwe ngumuntu ongaziwa ezipholele nomngani wakhe bezithokozisa ngeziphuzo ezibandayo.

Kubikwa ukuthi umsowa ubize uMnu Msomi wazenza umuntu omangayo kanti useyamdubula. Lesi sigameko senzeke eduze nalapho bekunentatheli yeLANGA ngakhona ebimatasa ithwebula izithombe njengoba bekunedili lomculo kamasikandi ebelihlelwe wumasipala.

Nakuba kwenzeke lesi sigameko kodwa umcimbi uqhubekile. Iningi lamalunga omphakathi ebelithamele umcimbi, kaliwuzwanga umsindo wesibhamu njengoba bekunomsindo womculo obudlalwa esiteji.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, kunezinsolo eziqinile zokuthi lesi sigameko sihlobene nezepolitiki. Imithombo yeLANGA ilipotshozele ukuthi umufi ubesongelwa ngamanye amalunga e-ANC ethi azogcina eqedile ngaye ngoba udayise ngewadi abeyiphethe.

Nyakenye njengoba bekunokhetho lohulumeni basekhaya mhla zintathu kuNcwaba (August), umufi ubengenele ngokuzimela ukhetho lokuba yikhansela kuwadi 14 kulo masipala ngemuva kokuba ekhale ngaphansi okhethweni lwangaphakathi kwi-ANC lapho kusuke kuqokwa okuzofoloswa ngaye okhethweni.

Kubikwa ukuthi lokho kakwehlanga kahle kuyena wagcina eqoke ukuzimela. Le wadi igcine ihlwithwe yiNkatha Freedom Party (IFP) - okumanje iphethwe nguMnu Fisokuhle Mpanza.

Kubikwa ukuthi nakuba ebengenalo igatsha kodwa kukhona lapho eke wabonakala ezibandakanya nabaholi baleli qembu ngaphansi kwesifunda uMkhanyakude.

Kwenzeka lokhu nje, ILANGA lihabule ngomthombo walo ukuthi amaphoyisa kawaziswanga kusenesikhathi ngalo mcimbi njengoba - kuthiwa atshelwe ngoLwesine ngawo.

Kuthiwa lokhu kakuwanikezanga isikhathi esanele sokuhlela ezokuphepha njengoba ubunabantu abaningi abebezowuhambela.

Umthombo uthi lokhu kugcine kuholela ekutheni singabikhona isibalo esanele samaphoyisa abezoqapha umcimbi.

OLUNYE UDABA: Kusaqhubeka ukuthungathwa kukababa womfundi owafika nesibhamu esikoleni

"Ngokujwayelekile uma kuzoba khona umcimbi ozobiza abantu abaningi njengalona, kuyaye kudingeke ukuba kubizwe iPublic Oder Police, okuyiyona okumele iqaphe isimo. Kulokhu kakwenzekanga lokho, okuchaza ukuthi ezokuphepha bezingaqinile neze," kusho umthombo ongaphakathi emaphoyiseni.

UNkk Khanyi Msomi oyinkosikazi kamufi, uthi bewumndeni basashaqekile ngalesi sigameko. Utshele leli phephandaba ukuthi kazikho izinsongo azaziyo ebezitholwa ngumyeni wakhe.

"Sibuhlungu kakhulu ngokwenzekile ngoba ubengumuntu wabantu futhi ekhonze kakhulu ukusebenzela umphakathi. Nalapha ekhaya ubewusizo kakhulu futhi ewuthanda umndeni wakhe," kusho uNkk Msomi.

UMnu Siyabonga Khumalo ongusihlalo we-ANC eMtubatuba, uthi kababoni ukuthi ukubulawa kukaMnu Msomi kuhlobene nezepolitiki. Uthi bayasola ukuthi kuhlangene nemibango kamasikandi njengoba ubengumuntu owukhonze kakhulu futhi ewulandela njengoba bekuwumcimbi wawo.

"UMnu Msomi ubengasalona ilunga le-ANC njengoba iqembu limxoshile namanye amakhansela abezimele ngesikhathi kunokhetho lohulumeni basekhaya. Kasicabangi ukuthi lokhu kuhlobene nepolitiki," kusho uMnu Khumalo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa aseMtubatuba aphenya ngecala lokubulala kodwa bekungakaboshwa muntu kanti nembangela yokubulawa kukaMnu Msomi kayikaziwa.

IMeya yaseMtubatuba, uMnu Qhina Mkhwanazi, ithe bayazwelana nomndeni ngento eyenzekile kanti basazohlangana kumasipala ukuze bayobhonga emswaneni.

Uthi ngokwazi kwakhe amaphoyisa abetsheliwe ngalo mcimbi ngoba abekhona ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

“Ngeke ngazi ukuthi aziswe nini ngoba bengingekho kuleli thimba ebelihlela umcimbi kodwa wona abekhona ngoba ngiwabonile,” kusho uMnu Mkhwanazi. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

Share your 67 minutes with animals in need this Mandela Day

With an abundance of activities to get involved in, why not lend a hand towards animals in need this Mandela day? Here are some ideas of how you can spend your 67 minutes...

 

Paws

Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!
Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Our top picks for doggo post of the week
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.