Johannesburg – Kuphenywa ngecala
lokubulawa kobeyi-shop steward yeSamwu odutshulwe ekhanda ngaphandle
kwamahhovisi enyunyana, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoLwesibili.
Isehlakalo sokudubula, okuthiwa
senziwe ngonogada, senzeke ngabo-13:00 ngoLwesihlanu ntambama, ngesikhathi
iqeqebana labantu lixabana nonogada ngesikhathi lizama ukungena emahhovisi
eSamwu enkabeni yedolobha laseGoli, kusho uLieutenant-Colonel Lungelo Dlamini.
Uthe okwamanje bekungakaboshwa muntu.
Funda nalolu daba: Ushone babuhlungu umakhenikha waseThekwini
ISA Municipal Workers’ Union ithe laba bantu ababefuna ukungena emahhovisi
babengashongo ukuthi bazoza.
Ilungu layo, u-Elliot Manyosi, ushonele
endaweni yesehlakalo.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).