Kudutshulwe kwabulawa omunye usomatekisi e-KZN

2017-11-06 12:30

Durban - Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi eNewcastle ngemuva kwezinsukwana kwenzeke isigameko sokubulawa komunye usomatekisi eMnambithi.

Le ndoda eneminyaka engu-66 ubudala igama layo elingakadalulwa, ibihamba ngemoto kuRoad P483 ophakathi kwasoSizweni nase-Utrecht ngeSonto ebusuku ngesikhathi ihlaselwa.

UCaptain Jabulani Ncube, okhulumela amaphoyisa aseNewcastle, uthe le ndoda ibihamba ngemoto yohlobo lwe-VW Amarok ngesikhathi ivinjwa ngeyohlobo lwe-Audi emnyama.

OLUNYE UDABA:Sesinyukile isibalo sabashone kwesenzeke eLadysmith

"Akucaci ukuthi bebebangakhi abantu abebesemotweni i-Audi kodwa bakhiphe izibhamu badubula bebhekise emotweni kamufi. Lo somatekisi uthole amanxeba amaningi okudutshulwa ekhanda nasesifubeni, washonela endaweni yesigameko," kusho uNcube.

UNcube uqhube ngokuthi kutholakale amagobolongo angu-19 ezinhlamvu endaweni yesigameko. 

"Njengoba imbangela yesigameko ingakaziwa. Kungenzeka ukuthi lesi sigameko sokudubula sihlobene nesodlame lwamatekisi oluqhubekayo eNewcastle."

UNcube uthe akukho okuthathiwe emotweni kamufi futhi kutholakale nesibhamu sakhe emotweni. Uqhube ngokuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

Lesi sigameko sokudubula silandela leso sokubulawa kukasomatekisi waseMnambithi, uMuzikayifani Ngobese.

Isigameko senzeka kuMatiwaneskop Road eduzane naseLadysmith ngoLwesibili olwedlule.

UNgobese wayehamba nendodakazi yakhe, umshayeli nonogada ababili evenini yakhe ngaleso sikhathi.

Umshayeli wahluleka ukulawula imoto yayoshayisana netekisi eyayithwele othisha, kwashona abangu-6. Uphenyo ngesigameko sangesonto eledlule lusaqhubeka


 - Daily News

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.