Kudutshulwe kwabulawa owe-ANC eKZN

2018-03-11 09:57

Cape Town – Umgqugquzeli wezokhetho kwi-African National Congress (ANC) endaweni yaseMfume esifundazweni iKwaZulu-Natal udutshulwe wabulawa ngoMgqibelo ekuseni.

"Kuiyadumaza kakhulu,” kusho uSihle Zikalala, etshela iNews24.

"Akuyona idawo enezinkinga. Sisazama ukuthola imbangela,” kusho uZikalala.

Esitatimendeni, inhlangano ithe uNqobizwe Mkhize, ubulawe esemzini wakhe.

OLUNYE UDABA: Ngeke sixoshe muntu ofuna ukukhakhasela i-ANC - Mbalula

Kuphinde kwabulawa nabanye abantu ababili, kodwa imininingwane eminingi ngabo ibingakatholakali.

UZikalala uthe umsebenzi kaMkhize bekungukugqugquzela izinhlelo zenhlangano mayelana nokhetho.

UMgqibelo bekuwusuku lokubhalisela ukuvota.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe kukhahlelwe umnyango wendlu kaMkhize ngabo-02:30, oshayasibhamu bavulela ngenhlamvu. Udubuleke emzimbeni, washona.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.