Kudutshulwe kwabulawa owe-ANC nomkakhe

2016-08-12 15:59

Johannesburg - Amaphoyisa ase-Eastern Cape asenxuse onolwazi ngokubulawa kwelungu le-ANC kanye nomkalo besemzini wabo eTsolo ukuba baxhumane nawo.

Kuthiwa abasolwa abangaziwa bangene emzini wesisulu bazidubula ngoLwesine ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa uMzukisi Fatyela uthi, “Ngesikhathi sifika endaweni yesehlakalo sithole isidumbu sowesifazane. Umnikazi womuzi ubesaphila kodwa ubenenxeba lokudutshulwa emzimbeni. Uphuthunyiswe eMalizo hospital wafike wadluliselwa eMthatha nokuyilapho eshonele khona ngokuhamba kwesikhathi.”

Funda nalolu daba: Umamezala ungiphendule umqwayizi - Umfelokazi

UFatyela uthi amaphoyisa awanaso isiqiniseko ngembangela yesigameko.

“Bekungakaboshwa muntu. Sithole amagobolondo amane ezinhlamvu, amathathu ngaphakathi nelilodwa ngaphandle. Sivule icala lokubulala esiteshini samaphoyisa aseTsolo.”

Khonamanjalo, unobhala we-ANC esifundazweni u-Oscar Mabuyane usigxekile lesi sigameko, kubika iSABC.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.