Kudutshulwe kwabulawa owesilisa izigebengu zigasela kwakhe

2017-01-20 13:01

Pretoria - Kudutshulwe kwabulawa owesilisa esigamekweni sokuzama ukugqekeza endaweni yaseFaerie Glen ngoLwesine.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Ilse Jones uthe unkosikazi wakuleli khaya uthukile wase eyahayiza ebona amadoda amane kwakhe ngabo-20:30 ebusuku.

“Umyeni wakhe uphume egijima eyobheka ukuthi kwenzakalani ezansi,” kusho uJones.

OLUNYE UDABA:Izigebengu zishaye zabulala umnikazi womuzi zizophanga

Le ndoda ifike yahilizisana nabasolwa base beyidubula kabili.

Abezimo eziphuthumayo bafike kulo muzi bathola le ndoda indindilizile egcekeni lakwayo.

“Sizamile ukuhlenga impilo yayo kodwa kasiphumelelanga,”kusho u-Athlenda Mathe okhulumela abeNetcare911.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi i-Pretoria East Rekord amaphoyisa avule idokodo kanti aphenya icala lokubulala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.