Kudutshulwe kwabulawa owesilisa otholakale embhedeni kamakhelwane

2018-01-09 14:03

Cape Town – Owesilisa udutshulwe wabulawa ecashe embhedeni wakwamakhelwane ngemuva kokuba atholwe oshayasibhamu abebekade bemzingela.

Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko endaweni yaseScottsdene, eKraaifontein.

Isidumbu sikaJason “Pagad” Freeks sitholakale sizimbobombobo ngesikhathi silandwa ngabasemakhazeni.

Ufakazi ozibonele ngawakhe ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa utshele abeDaily Voice ukuthi umufi, 21, ubefunwa ngamadoda amathathu ekuseni ngo-10:30.

UJason ubehlala efulethini eliphezulu, kodwa ubalekele ngezansi ngenhloso yokuyocasha.

“UJason ubegqoke izimpahla ezimhlophe oshayasibhamu begqoke ezimnyama. Bamlandele kusuka lapho kupakwa khona izimoto waze wayongena efulethini nokuyilapho bevulele khona ngenhlamvu,” kusho ufakazi.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa asiqaphile isimo njengoba kubhikisha omakhi

Umnikazi wefulethi lapho kubulawelwe khona uJason uthi umufi ubegcwele ukwesaba emehlweni akhe ngesikhathi ebaleka emdlula.

“Ngizwe kuqhuma isibhamu, ngamubona eqhamuka emnyango wami ebonakala ukuthi udidekile akazi ukuthi ayengakuphi. Ngivele ngadonsa indodakazi yami sangena egumbini lokugezela,” kusho umnikazi wefulethi.

UJason udutshulwe amahlandla ambalwa ekhanda eduze kwesifazane wakuleli fulethi obesembhedeni ngesikhathi kufika uJason.

Ngenhlanhla, unkosikazi womnikazi waleli fulethi akazange alimale, uthi uvele wazimboza ubuso ngengubo ngesikhathi kudutshulwa uJason.

Okhulumela amaphoyisa uSinathi Joni, usiqinisekisile lesi sigameko: “Kube nesigameko sokudubula eScottsdene, eKraaifontein, ekuseni ngoMsombuluko lapho okubulawe khona owesilisa.

“Imbangela yalokhu kuhlasela ayikaqondakali kahle kanti uphenyo lusaqhubeka.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.