Kudutshulwe kwabulawa oyi-zama zama emayini yaseGoli

2018-03-08 09:31

Benoni – Usalenkundleni umvukuzi mbumbulu oyedwa kwaboshwa abanye abangu-9 ngoMgqibelo emayini yaseBenoni.

Laba ababoshiwe baseminyakeni ephakathi kuka-19 kuya ku-36 ubudala bavele enkantolo kaMantshi eBenoni ngoMsombuluko nangoLwesibili ngokutholakala negolide ngokungekho emthethweni.

Ngokombiko we-GroundUp, laba bavukuzi abangekho emthethweni bebemba imayini engasasebenzi ngasejele iModderbee eBenoni isikhathi esingangezinyanga ezimbili kanti ngoMgqibelo batholane phezulu nabonogada abagade lemayini.

Abavukuzi ababili bakwazi ukubaleka ngalobo busuku kanti futhi yibona abebeluma iGroundUp indlebe ngokwenzekile.

OLUNYE UDABA:Kushone abavukuzi ababili kudilika umgodi wemayini

Laba bathi babaleka nezikhwama ezimbili ezazigcwele ngesikhathi bezwa kuqhuma isibhamu.

UMore Ngondli, 21, kuthiwa wakhipha ummese ngesikhathi edutshulwa ebulawa.

Oyedwa walaba uthi yena waba nenhlanhla ngoba inhlamvu yashaya ithoshi lakhe esikhundleni sokuba adubuleke ekhanda.

Uthi wacasha ehlathini nabanye abathathu abebebaleke nabo kwazi kwaba wukuthi kuphephile ukuba babaleke.

Omunye walaba ababalekile uthi onogada bale mayini yibona ababangenisa ngemuva kokuba bakhokhe itshotsho likaR500 iqoqo ngalinye.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.