Kudutshulwe kwabulawa oyilungu lePEC kuKhongolose eKapa

2018-03-07 09:30

Cape Town - Oyilungu le-PEC ku-African National Congress esifundazweni saseWestern Capudutshulwe wabulala esekhaya lakhe eCrossroads ngoLwesine ebusuku.

Usotswebhu we-ANC eKapa uThandi Makasi Madikivana uthe u-Elese Depouche udutshulwe wabulawa engena emzini wakhe ngo-20h00 ebusuku.

Umkakhe usindile kulesi sigameko kodwa uphuthunyiswe esibhedlela.

Okhulumela amaphoyisa akulesi sifundazwe uSergeant Noloyiso Rwexana ukuqinisekisile lokhu wathi amaphoyisa aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala.

OLUNYE UDABA:UZuma 'uzibe' izinkinga ze-ANC KwaZulu-Natal

"Amaphoyisa ayaphenya ngesigameko sokuhlaselwa kowesilisa oneminyaka engu-50 ubudala endaweni yaseCrossroads eNyanga. Ngokwemibiko esiyitholile, umufi nomkakhe bebengasesangweni lomuzi wabo ngesikhathi behlaselwa ngamadoda amabili angaziwa,"kusho uRwexana.

"Lo mlisa uphuthunyiswe esibhedlela eyolashwa nokuyilapho afike washonela khona. Owesimame yena usindile kodwa uyalashwa esibhedlela.

Akukaboshwa muntu okwamanje.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.