Kudutshulwe kwabulawa umshayeli wetekisi phambi kwabagibeli

2017-02-16 16:01

Johannesburg – Kudutshulwe kwabulawa umshayeli wetekisi phambi kwabagibeli enkabeni yedolobha iGoli ngoLwesithathu ebusuku, kusho amaphoyisa ngoLwesine.

Umshayeli,34, udutshulwe ekhoneni likaKing George noNoord Street ngezithuba zabo-22:00 ngoLwesithathu ebusuku, kusho uWarrant Officer Mduduzi Zondo.

UZondo uthe umshayeli udutshulwe amahlandla amabili emzimbeni, washonela endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: Kudlwengulwe isalukazi,84, eKZN

Akazange ayiqinisekise imbangela yesigameko.

"Asazi ukuthi umshayeli wetekisi udutshulwe ngubani, kodwa senza uphenyo ngecala.”

UZondo uthe akanaso isiqiniseko ngesibalo sabagibeli ebebesetekisini ngesikhathi kwenzeka lesi sehlakalo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.