Kudutshulwe kwabulawa usomabhizinisi ngaphandle komuzi wakhe

2017-02-16 07:00

Johannesburg – Kudutshulwe kwabulawa usomabhizinisi wezimoto ngaphandle komuzi wakhe eKensington ngoLwesithathu ekuseni, kusho amaphoyisa aseGauteng.

URaymond "Razor" Barras, 49, udutshulwe ngesikhathi ezama ukuphuma egaraji lomuzi wakhe okuHighland Road, eKensington, kusho okhulumela amaphoyisa uLungelo Dlamini.

“Udutshulwe amahlandla amaningi emzimbeni. Imbangela yokubulawa kwakhe ayaziwa,” usho kanje.

Bekungakaboshwa muntu okwamanje.

UBarras wayesebenzisana noFaizel Kappie Smith.

OLUNYE UDABA: Kuqinisekiswe ukubulawa kowesilisa wakuleli eSyria

USmith ungomunye wabantu abathathu abavuma ukuthi basiza injinga kasomabhizinisi wezimayini, uBrett Kebble, ukuba azibulale.

Abasolwa ngokubulala uKebble - uNigel McGurk, Mikey Schultz noSmith – benza isivumelwano noMbuso, nokwenza bangavalelwa ejele.

Umngani kaBarras, uDavid Safi, utshele iNews24 ukuthi: "Ubengumngani omuhle. Akukholakali ukuthi umuntu onjengaye udutshuliwe. Ubengeke abulale ngisho ‘impukane’."

USafi uthe uBarras noSmith babesebenzisana kakhulu, belungisa izimoto. Uthe ukubulawa kukamngani wakhe kuzothatha isikhathi ukudlula.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.