Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi eGoli

2018-03-23 12:30

EKurhuleni - Bahlafuna bejeqeza osomatekisi base-Ekurhuleni njengoba zanda izigameko zokubulawa kwabo.

Abe-Daily Sun bathole ukuthi bangu-8 osomatekisi baseZonkizizwe abahlaselwe babulawa kulezi zinyanga ezingu-6 ezedlule.

Omunye wosomatekisi utshele leli phepha ukuthi: "Sizizwa singaphephile njengoba singazi nokuthi ubani ozolandela ngoba kuyacaca ukuthi siyaqothwa."

NgoLwesithathu, kudutshulwe kwabulawa omunye usomatekisi ngasesiteshini sabezicishamlilo.

Umufi ubehamba ngemoto yakhe yakudala yohlobo lweToyota Cressida ngesikhathi ehlaselwa amadoda angaziwa ehamba ngeMercedes-Benz.

Isakhamuzi esihlala kuyo le ndawo uXolani Msibi, 40, utshele abezindaba ukuthi isimo sibi kakhulu kule ndawo kangangokuba sebejwayele ukuthi osomatekisi babulawa mihla namalanga.

"Abantu abasenendaba nempilo yabanye abantu kulezi zinsuku," kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Buyisile Mvelase ukuqinisekisile ukuhlaselwa kukasomatekisi.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.