Kudutshulwe kwabulawa uthisha phambi kwabafundi

2018-04-11 16:01

Cape Town - Kusolwa owayengumyeni ngokudutshulwa kubulawa uthisha oneminyaka engu-42 ubudala, phambi kwabafundi eSaldanha, ogwini olusentshonalanga, lokhu kungokusho kweziphathimandla.

Ngemuva kokuzwa ngesigameko ngezithuba zabo-07:20, amaphoyisa aphuthume esikoleni lapho afice jkhiona isidumbu sowesifazane endaweni okupaka kuyo izimoto, kusho uCaptain FC van Wyk, okhulumela amaphoyisa eWestern Cape.

Isidumbu sendoda sitholwe emgwaqeni oseduze nesikole. Isidumbu sitholwe sinenxeba ekhanda, kusho uVan Wyk.

UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uDebbie Schafer uqinisekise ukuthi owesifazane ubenguthisha esikoleni okwenzeke kuso isigameko.

OLUNYE UDABA:Ubulale i-ex sekusele izinsuku ezimbalwa ishade

"Lo thisha kusolwa ukuthi udutshulwe yindoda okubikwe ukuthi yayingumyeni wakhe. Kubikwa nokuthi umsolwa uzidubulile washona. Bobabilo owesifazane nale ndoda bashonile," usho njalo.

"Abafundi abebekhona kwenzeka isigameko bahlukumezeke kakhulu."

Uthe abasebenzi basemnyangweni baphuthume kulesi sikole.

"Isikole sinqume ukuba zidedele abafundi kanti labo abadinga ukwelulekwa ngokomqonndo bazoluthola usizo."

Amaphoyisa avule idokodo lokubulala.

Onolwazi ngemininingwane yesigameko uyacelwa ukuba axhumane nomseshi uWarrant Officer Johan Rossouw, ku-071 884 4414 noma ashayele uCrime Stop ku-08600 10111.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.