Kudutshulwe owesilisa endaweni yokungcebeleka eWinterton

2017-09-05 14:04

Winterton - Owesilisa uhlaselwe yizigebengu zamdubula engalweni ngaphambi kokubaleka nemali yakhe.

Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu ebusuku ngo-21:00 lapho owesilisa evinjezelwe yizigebengu ezinhlanu eBerg Resort, eWinterton.

Abasolwa bathathe imali yalo mlisa ngaphambi kokubaleka.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa indoda izifundela iphephandaba eThekwini

Ngokubika kwephephandaba i-Estcourt News, amaphoyisa abambe umsolwa oyedwa, kanti uphenyo mayelana nalesi sigameko lusaqhubeka.

Amaphoyisa abambe umsolwa oyedwa oneminyaka engu-38 ubudala ambeka icala lokuphanga nokuzama ukubulala.

Kwesinye isigameko, owesilisa uvele okokuqala enkantolo ngecala lokudubula eliyamaniswa nombango okhona wonogada abasebenza ezindaweni zobumnandi eKapa.

UNaeem Harris usolwa ngokudubula abantu ababili endaweni yokuzijuxuza enkabeni yedolobha ngoMeyi.

OwoKlebe, uLlyod Ramovha uthe uHarris zimkhalele ngoLwesine, kanti icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-11 Septhemba.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.