Kudutshulwe owesimame kungqubuzana abamatekisi eZakheni

2016-07-21 16:01

Ladysmith - Owesimame udutshulwe washona kwalimala abathathu abehamba nabo kwisigameko sempi yabanikazi bamatekisi eMnambithi.

Kusolakala ukuthi uLathiwe Lindiwe Mabaso,38, udubuleke ngephutha ngoba ubesendaweni engafanele ngesikhathi oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu ngeSonto emini.

Kuthiwa ushayasibhamu ubelokhu edubule njalo emotweni ngaphandle kokubheka ukuthi ubani oshayelayo.

OLUNYE UDABA:Asagcwele amathafa amadoda abulale usomatekisi eGoli

Kuthiwa uLindiwe Mabaso uyilunga lomndeni wakwaMabaso onamatekisi. Kanti kuyaziwa ukuthi lo mndeni awubhekani nomndeni wakwaGumede nawo unamatekisi ngoba sekubulewe cishe abantu abangu-20 kulempi yabo.

Kubonakala sengathi ukubulawa kukaLindiwe kube yiphutha kodwa yize kunjalo, umndeni wakwaMabaso kuthiwa usukume ngokushesha waziphindiselela njengoba sekudutshulwe kwabulawa ilunga lomndeni wakwaGumede.

Amaphoyisa aseMnambithi akuqinisekisile ukuthi lamacala adluliselwe koKlebe, kubika iLadysmith Gazette.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.