Kudutshulwe umgibeli kuphangwa esitimeleni eKapa

2017-11-28 08:01

Cape Town - Kungene amadoda abehlomile esitimeleni sakwaMetrorail ebesigcwele phama eKapa aqala abamba abagibeli inkunzi, kubika iGroundUp.

Kudutshulwe umgibeli oyedwa, lokhu kungokusho kozibonele isgameko sokuphanga.

URiana Scott, okhulumela abakwaMetrorail, uqinisekise ukuthi isigameko sibikwe ngoLwesihlanu ngezithuba zabo-13:42.

"Onogada babika ngesigameko sokuphanga esitimeleni phakathi kweziteshi zesitimela endaweni yaseLanga naseBontheheuwel," usho njalo.

OLUNYE UDABA:Ugwazwe esinqeni obengena ngewindi esitimeleni

"Kwabanjwa inkunzi umgibeli, waphucwa izimpahla zakhe wadutshulwa emlenzeni ngesikhathi sesigameko. Amaphoyisa nabosizo lokuqala baphuthuma endaweni yesigameko, umgibeli olimele waphuthunyiswa esibhedlela."

UCorben Mukandi, owayesesitimeleni ngesikhathi sesigamko, ngokusho kwakhe, ngsikhathi isitimela siphuma eBontheheuwel, kwasuka amadoda amahlanu, amabili ephethe izibhamu. Eyodwa yawo yahlehlela ngasemuva kwekhoshi amanye ama ngasezicabheni.

"La madoda atshela wonke ukuntu ekhoshini ukuthi akhiphe imali, amaselula nakho konke okusezikhwameni," kusho uMukandi.

Uthi wayikhipha iselula yakhe kanjalo no-wallet wakhe. Izigebengu zaqoqa konke zakufaka esikhwameni.

UMukandi uthe akazi ukuthi kwenzeka kanjani, kodwa abantu besifazane abathathu bakwazi ukubalekela kwelinye ikhoshi bayokwazisa onogada besitimela. La bonogada babohlome ngamabhethoni kuphela.

Kwadutshulwa omunye umgibeli owayezama ukubalekela kwelinye ikhoshi. "Wopha kakhulu kodwa ngeshwa akekho owayengamsiza njengoba nesitimela sasishosholoza," kusho uMukandi.

Lezi zigebengu zabaleka ngesikhathi isitimela sesima esiteshini eLanga.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.