Kudutshulwe umnikazi wendawo ekubanjelwa kuyo imishado e-KZN

2017-01-29 13:23

Durban – Kubulawe umnikazi wendawo eqashelwa imishado eMhlali, KwaZulu-Natal, ngesikhathi kuqubuka impi yezulu lezandla ngoMgqibelo ebusuku, kusho i-IPSS Medical Rescue.

Okhulumela i-IPSS uPaul Herbst uthe ngesikhathi kufika abezimo eziphuthumayo endaweni yesigameko, lo wesilisa osekhulile utholakale edindilize emnyango ngaku-swimming pool.

Udutshulwe esifubeni waphelela endaweni yesehlakalo.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe amadoda amane agasele eMaroupi Wedding Venue afuna imali kumnikazi wale ndawo.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe umkhongi nomkhwenyana bekade beyolobola

“Umnikazi wale ndawo unqabile ukunikeza la madoda imali ase eyamdubula, kepha ehluleka ukuvula i-safe,” kusho uZwane.

UHerbst uthe izivakashi ezine bazithole ziboshwe izandla nezinyawo, zishayiwe.

Izigebengu kuthiwa zibaleke nempahla kanokusho encanyana.

Kuthiwa izivakashi lezi bezosa inyama nomnikazi wale ndawo ngesikhathi behlelwa yilesi sigameko ngabo-21:00.

Bekungakaboshwa muntu okwamanje.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.