Kufanele ijoyine emasosheni intsha engasebenzi - Zuma

2017-02-21 18:03

Durban - Njengoba izinga lentsha engasebenzi ezweni likhula, uMengameli Jacob Zuma usebenzise umcimbi omkhulu wokugubha usuku lwamasosha i-Arms Forces Day Celebration ebibanjelwe eThekwini wathi intsha engasebenzi ingawathola amathuba emisebenzi emasosheni.

UZuma ubethula inkulumo emcimbini i-Armed Force Day, eMoses Mabhida Stadium, ngoLwesibili wathi i-South African National Defence Force (SANDF) namanje isaqhubeka nokuthatha intsha engumqemane ngokusebenzisana nohlelo lokuthuthukiswa kwamakhono lwasemasosheni.

OLUNYE UDABA: Kuzovalwa imigwaqo eminingi eThekwini kusasa ngenxa yomcimbi wamasosha

"Bangakwazi ukuthi babengodokotela, onjiniyela, abahlengikazi, nanoma yini abafisa ukuba yikho ngaphakathi emasosheni.

"Eminyakeni emithathu eyedlule, i-SANDF isithathe intsha engu-11 000 emikhakheni eyehlukene yangaphakathi," kusho uZuma.

I-SANDF iphinde ithuthukise amathuba omsebenzi wayo ngokweseka eminye iminyango kahulumeni emsebenzini wayo wokuthuthukisa umphakathi.

UZuma ube esencoma indima edlalwa yi-SANDF uma kunezinhlekelele kuleli, ezifana nezikhukhula kanye nemililo yequbulo ejwayele ukuqubuka eWestern Cape.


 - TMG Digital

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.