Kufe 6 kubangwa izinkomo zelobolo

2018-04-06 11:00

Durban - Bazongcwatshwa ngokohlelo lukahulumeni abantu abayisithupha abashaywe babulawa kulwa izigodini ezimbini, okungesaseMkhandlwini nesaseQungebe eMbizana, e-Eastern Cape.

IMeya yakuleya ndawo uNkz Daniswa Mafumbatha uthi bathathe lesi sinqumo sokwenza umngcwabo owodwa ngenxa yokweswela kwemindeni yalabo abangasekho nokuthi bafuna imindeni ingcwabe ngendlela efanayo emuva kwalesi sigameko esibuhlungu kangaka.

Kubikwa ukuthi imbangela yale mpi esineminyaka iqhubeka kwaba ukuhlukana kowesifazane nomyeni wakhe nalapho kwadingeka ukuthi zibuyiselwe emuva izinkomo indoda eyalobola ngazo.

OLUNYE UDABA: Ufuna ilobolo lakhe ogilwe yingoduso

“Yaqala kanjalo impi kulokhu kuhlaselwana kangangangoba sike sangenelela ngonyaka ka-2014 kwahlanganwa kuzanywa ukuthi kuphele lo mhlola,” kusho uNkz Mafumbatha.

Uthi sebethumele amaphoyisa ukuthi ayoqapha kuleya ndawo. Abashonile kulindeleke ukuthi bangcwatshwe enkundleni yezemidlalo khona esigodini saseMkhandlwini ngoMgqibelo.

Amaphoyisa aseMbizana ayaphesiphenya lesi gameko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.