Kufezeke iphupho lona-105 eKZN

2016-07-06 08:31

Durban – Iphupho likagogo uJabulile Zondi lokuphinde abenomuzi wakhe seligcine lifezekile.

Lo gogo oneminyaka engu-105 ubudala unikezwe okhiye bendlu yakhe entsha ngoLwesibili nguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu nemiSebenzi yoMphakathi uRavi Pillay.

Lesi salukazi esihlala elokishini laseMpumalanga eHammersdale, besihlala ezindlini zokulindela ngemuva kokudilikelwa umuzi ngesikhathi kunezimvula ngo-2010.

Kwakungakhona okokuqala lo gogo elahlekelwa umuzi wakhe ngo-2010.

Funda nalolu daba: Amaphoyisa afuna usizo

Ngokombiko weThe Times, uZondi walahlekelwa umuzi wakhe ngodlame lwezombusazwe olwaluphakathi kwe-United Democratic Front ne-Nkatha Freedom Party ngama-80s.

Ujabule kakhulu ngokuthi naye usezoba nendawo azoyibiza ngekhaya.

Uthe bazochitha ubusuku bokuqala (ngoLwesibili) belele kulo muzi omusha kodwa akazi noma buzofika yini ubuthongo ngendlela ajabule ngayo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.