Kufuneka izinguquko ezinkulu kwiPirates

2017-06-26 12:29

Durban - Kufuneka izinguquko ezinkulu kwi-Orlando Pirates ephinde yaphoxa abalandeli bayo ibhudluzwa yiSuperSport United ngo 4-1 ovuthayo kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Abathandi beBucs bebephume ngobuningi kulo mdlalo ngethemba lokuthi le kilabhu izobasula izinyembezi emuva kokuba nesizini embi.

Nokho baphume enkundleni benxapha abanye behlengezela izinyembezi becikwa ngabakubize ngokweyiswa nokungacatshangelwa ngabadlali nezikhulu zale kilabhu.

OLUNYE UDABA:#NedbankCupFinal: Abalandeli beBhakabhaka nabe-SSU kuTwitter

Abanye bebelibeka ngesihloko elokuthi kumele kukhucululwe kusuka kuSihlalo wayo uDkt Irvin "Iron Duke" Khoza abamsola ngokungayikhathaleli le kilabhu muva nje.

Ukudemelayisa kwabalandeli beBucs kususwe ngamagoli abhakuziswe enethini nguBradley Grobler amabili, nguJeremy Brockie noKingston Nkhatha.

Elokuzama ukugqiba ihlazo leZimnyama lishaywe ngu-Oupa Manyisa kuyiphenathi.

UKjell Jonevret ongumqeqeshi wePirates, uvumile emuva kwalo mdlalo ukuthi kudingeka izinguquko kule kilabhu egubha ngenothi elibi iminyaka engama-80 yasungulwa.

"Kudingeka izinguquko ekilabhini. Nokho lesi kakusona isikhathi esikahle sokukhuluma lolu daba. Kusafanele ngihlale phansi nabaphathi sikhulume ngekusasa lami nelabadlali abathile emuva kokubanika umbiko wesizini (esiphuma kuyona)," kusho uJonevret ojoyine eZimnyama ezinyangeni ezine ezedlule engena ezicathulweni zika-Augusto "Njenje" Palacios ophume esenuka iqaqa kulesi sikhundla emuva kokubhaxabulwa yiMamelodi Sundowns ngo-6-0 koweligi.

UPalacios ubethathe lo msebenzi emuva kokuba ulaxazwe nguMuhsin Ertugral ocikwe yihlazo lokudliwa yiSuperSport ngo-6-1 koweligi ngasekupheleni konyaka odlule.

"Sibenzele phansi kakhulu abalandeli kule sizini. Sibaphoxe kakhulu. Kulo mdlalo sivele senza izinto zaba nzima kakhulu kithina. Besiphisana kalula ngamabhola esiswini," kusho uJonevret obebhocobele okwenkukhu ekhishwe emdokweni wotshwala ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emuva kwalo mdlalo.

Abadlali abebengamakhongco abuthaka esiswini kwiBucs ngu-Issa Sarr noManyisa obekungathi baqashelwe ukulahla amabhola, uPatrick Phungwayo oyisitobha ovele waphenduka umgwaqo omkhulu kaThuso Phala obeyiphela endlebeni kulo mdlalo kumaBhakaniya.

"Lolu kube wusuku olubi kakhulu, kwenzeke ebesingakuhlelele. Ukungena kwegoli lesibili kusithene amandla. Empeleni bekumele sishaywe ngembudlu yamagoli (ngenxa yamaphutha ebese siwenza). Ngiyayibongela kakhulu iSuperSport," kusho uJonevret.

ISuperSport iqophe umlando wokuba yikilabhu yokuqala ukuvikela iNedbank Cup egubha iminyaka eli-10 yasungulwa kanjalo nokuqukula le ndebe kathathu.

Inqobe u-R7 million kulo mqhudelwano oyisango lokubuyela kwiCaf Confederation Cup ngonyaka ozayo. Nonyaka yenza kahle kwiCaf njengoba isisesigabeni samaqoqo.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Investment Associate

Cape Town
Mass Staffing Projects
R620 000.00 - R780 000.00 Per Year

Senior Investment Analyst

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R775 000.00 Per Year

C# Developer

Cape Town
Goldman Tech Resourcing
R300 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.