Kufunwa abasolwa abadubule babulala osomatekisi ababili

2018-02-21 18:00

eThekwini - Amaphoyisa acela umphakathi ulekelele ngolwazi olungaba wusizo kubanjwe abasolwa ababulale abantu ababili, eMpumalanga.

Kuthiwa abasolwa badubule babulala amalungu amabili kasosesheni wamatekisi iKwaNdebele United Local and Long Distance Taxi Association (KULLDTA), kubika iMpumalanga News.

Laba badutshulwa babulawa ezigamekweni ezimbili ezahlukene ngoMsombuluko kanye nangoLwesibili.

Umufi wokuqala ogama lakhe nguTimothy Zwane, 57, udutshulwe ngamadoda angaziwa ehamba ngeMercedes Benz emnyama.

UZwane uhlaselwe ngesikhathi ehlisa abagibeli erenki yamatekisi eseKgobokoane ngomhlaka-19 Febhruwari 2018 ngabo-17:00 ntambama.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe 21 ngamacala okutholakala nempahla

Kulesi sigameko, kulimale nomgibeli oyedwa ophuthunyiswe esibhedlela esesimweni esibucayi kakhulu

"Kulesi esinye isigameko sangoLwesibili senzeke ekuseni ngo-09:00 lapho kuhlaselwe khona uTari Joel Mnguni oneminyaka engu-61 ubudala," kusho amaphoyisa ngesitatimende.

UMnguni udutshulwe wabulawa ngemuva kokuba ahambele umhlangano wosomatekisi.

Akukaboshwa muntu ngezigameko zombili kanti amaphoyisa acela umphakathi usize ngolwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa ngokuthi uxhumane noColonel Isaac Magakwe ku-082 302 6621.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.