Kufunwa indoda ngokutholakala kwentombi ishonile embhedeni wayo

2016-07-06 13:31

Cape Town - Amaphoyisa athungatha indoda ngemuva kokutholakala kwentombi yayo ishonile embhedeni wayo ngempelasonto.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Sergio Kock ngoLwesithathu uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulawa kukaLatoya Bosch, 22, otholwe eNewtown, ePostmasburg kubo kwesoka lakhe uLebogang Christopher Mogabeng, 29, ngoMgqibelo.

"Kusolwa ukuthi umufi wayevakashele isoka lakhe kubo ngoMgqibelo. Isidumbu sakhe satholwa udadewabo wesoka ngezithuba zabo-17:30," kusho isitatimende.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala intombi eyisola ngokujola

Kukholakala ukuthi uBosch wacinywa umoya.

Ikhjasi lakhe lakuFacebook laligcwele imiyalezo yenduduzo evela kubangani  abanye bezwakalisa ukushaqeka kwabo ngokudlula wkakhe emhlabeni.

Umsolwa wagcina ukubonakala ngoMgqibelo.

Onolwazi uyacelwa ukuba athinte uDetective Sergeant Raneo ku-082 302 0391 or 053 313 9329.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.