Kufunwa ingane eyagcina ukubonakala ilandela umfowabo eyovota

2016-08-08 17:32

Durban - Uphithene amakhanda umndeni wengane eneminyaka emithathu ebudala okuthiwa yagcina ukubonakala ngesikhathi ilandela umfowabo eyovota eMolweni, eThekwini, ngoLwesithathu, umbiko.

Iphephandaba iSolezwe libika ukuthi uSinenhlanhla Ngubane wagcina ukubonakala elandela umfowabo owayeyovota ngezithuba zabo-04:00 ntambama

Unina wale ntombazanyana, uSebenzile Ngubane, uthi indodakazi yakhe yayikamakhelwane ngesikhathi inikezwa ukhiye wendlu ukuba iyowunikeza umfowabo oneminyaka engu-25 ubudala.

Funda nalolu daba: Inhlangano yamatekisi inikele ngemifaniswano yesikole

Kuthiwa ngesikhathi ifika kubo ingane umfowabo wayesanda kuphuma eyovota, yamlandela.

ISolezwe likhuluma nonina wengane izolo, uthe baphithene amakhanda njengoba ingane ingabonwa namanje.

Amaphoyisa aseHillcrest avule icala lokulahleka kwengane kanti acele onolwazi ukuba axhumane nawo.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.