Kufunwa owabamba inkunzi owayephuma ebhange eGoli

2018-03-16 18:00

Johannesburg - Amaphoyisa aseKempton Park acela amalungu omphakathi ukuba awafunise indoda esolwa ngokuphanga ihlomile, kubika iKemptonexpress.

Lo msolwa ufunelwa ukuphoswa imibuzo mayelana nesigameko.

Amaphoyisa aphenya isigameko sokuphanga kuhlonyiwe esenzeka kuMonument Road lapho okwalandelwa khona isisulu esasiqeda ukukhipha isamba semali esingadaluliwe ebhange.

OLUNYE UDABA:Okhubazekile uboshelwe ukubamba inkunzi ebhange

"Isisulu sahlaselwa ngamadoda amabili eyahamba ngemoto yohlobo lwe-VW Polo eluhlaza sasibhakabhaka, asidubula ngaphambi kokusiphuca imali," kusho uCaptain Jethro Mtshali, okhulumela amaphoyisa aseKempton Park.

"Abaseshi ababili baleli cala bacela umphakathi ubasize ngemininingwane engasiza ngophenyo. Yonke imininingwane igcinwa iyimfihlo," kusho uMtshali.

Onolwazi uyacelwa ukuba axhumane nomseshi uKgomotso Malatswana ku- 081 744 2342 noma umseshi uMoyahabo Matlopela ku-073 979 4171.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.