Kugcine kumnqobile ukugula umculi wowokholo - Umbiko

2017-01-20 16:00

Johannesburg - Umndeni womculi wowokholo, uNolitha Langa, uwaqinisekisile amahlebezi okudlula emhlabeni kwalo mculi.

UThenjiwe Cungwa okhulumela umndeni utshele abeDispatchLIVE ukuthi lo mculi ushonele esibhedlela i-Cecilia Makiwane Hospital.

“UNolitha ubephethwe amathansela waze wangeniswa esibhedlela ngeSonto. Ngeshwa ngoLwesine sithole umyalezo wokuthi akasekho emhlabeni,” kusho uCungwa.

OLUNYE UDABA:Uza eMzansi umculi waphesheya, uJennifer Lopez

UCungwa uthi ukushona kwalo mculi kuwuthuse kakhulu umndeni.

Elinye ilungu lomndeni lichaze uNolitha njengomuntu obekwazi ukuzehlisa axolise uma kukhona okubi akwenziwe.

“Ubethanda ukuphilisana kahle nabantu,” kusho ilungu lomndeni.

Lokhu kwenzeka nje le mboni isanda kugqemeka ingozi engeqiwa ntwala kulandela ukudlula emhlabeni kukaSfiso Ncwane, owashona ngemuva kokuxinwa ukugula isikhashana ngoDisemba wonyaka owedlule.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.