Kugcine kumenele umdlali weMaritzburg owashaywa wumbani ngoMashi

2018-05-04 19:21

IMaritzburg United ithi isakhungathekile ngokudlula emhlabeni komgadli wayo uLuyanda Ntshangase, eneminyaka engu-21 ubudala.

UNtshangase ubekwikhoma kusukela ashaywa wumbani ngesikhathi kuqhubeka umdlalo wesihle nekilabhu edlala kwi-SAB League, i-Arsenal, eMgungundlovu, ngoMashi.

Umndeni wakhe wacela ukuba unikezwe ithuba lokubhekana nalesi simo ngasese.

USihlalo weMaritzburg, uFarook Kadodia, ubesazama ukuxhumana nomndeni ngesikhathi ethintwa ukuba aphawule ngalolu daba.

"Nami ngisanda kuzwa kepha ngisalinde umndeni ukuba uqinisekise. Ngizokhuluma uma sengixhumene nomndeni," kusho uKadodia etshela iKickOff ngesikhathi ethintwa.

Kuthe ngokuhamba kwesikhathi, uKadodia ube esekhipha isitatimende wathi: "Sishayeke kakhulu ngokulahlekelwa nguLuyanda, umdlali obesemncane ubesazokwenza izinto ezinkulu.

OLUNYE UDABA: Kunxuswa umkhuleko ngomdlali we-PSL oshaywe wumphezulu

"Wacijwa yile kilabhu esadlala emazingeni aphansi kwaze kwaba ukhushulelwa esikwatini esikhulu, kanti umdlalo wakhe wokuqala wawudlala ikilabhu ibhekene neKaizer Chiefs kumasizini amabili edlule, ikilabhu isalolongwa wu-Ernst Middendorp," esho.

Uthe ikilabhu izohlangana nomndeni kaNtshangase ukuze kuphothulwe amalungiselelo enkonzo yomngcwabo neyesikhumbuzo.

UNtshangase wenyuselwe eqenjini elikhulu kanye noSiphesihle Ndlovu noBandile Shandu ngesizini eyedlule, wadlala imidlalo emibili yeligi, kwathi kweyisithupha wangena isiphakathi.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoJanuwari 2016, iTeam of Choice yalahlekelwa ngumdlali wasesiswini uMondli Cele owashona engozini yemoto eneminyaka engu-27 ubudala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.