Kugcine kumenele umfundi ogwazwe omunye esikoleni

2017-09-22 09:28

Johannesburg – Umfundi oneminyaka engu-15 ubudala waseGoli ogwazwe omunye nge-screwdriver ngoLwesihlanu olwedlule, kugcine kumelene, kusho amaphoyisa ngoLwesine.

Lo mfundi ushonele esibhedlela ngoLwesibili ngemuva kokugwazwa ngomunye umfundi oneminyaka engu-18 ubudala esikoleni esiseKagiso, kusho okhulumela amaphoyisa aseWest Rand uLucky Matome etshela iNews24.

La bafundi bobabili kusolakala ukuthi babejahana emagcekeni esikoleni ngesikhathi lo oneminyaka engu-15 ubudala egwazwa.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe umfundi ogwaze omunye esikoleni

UMatome akazange akwazi ukukhipha eminye imininingwane ngalesi sigameko.

Uthe kodwa bekungakaboshwa muntu okwamanje.

“Esikwaziyo ukuthi lo mfundi oneminyaka engu-18 ubudala uxoshiwe esikoleni.”

UMnyango wezeMfundo eGauteng awuzange uyiphendule imibuzo obuthunyelelwe yona mayelana nalesi sigameko, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

Lesi sigameko senzeka nje kusanda kushona umfana ngemuva kwezinsolo zokuthi ushaywe amabhokolo ekhanda, wagcina ngokushona.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.