Kugencane abafundi esikoleni bebanga ibhodi

2017-09-28 14:00

Durban - Kusuke esinamathambo ngoLwesihlanu olwedlule eLihlithemba Technical High School, eNdwedwe, kulwa abafundi, kwalimala ababili njengoba omunye egasele esikoleni ehlome ngocelemba nesando ephelezelwa yiviyo lakhe - kuyohlaselwa.

Le mpi kuthiwa ibambane ngezihluthu ngaphakathi esikoleni kanti isisusa sayo kuthiwa kubangwe ibhodi lokubhalela.

Ngokuthola kweLANGA, lo mfundi kacelemba - esiligodlile igama lakhe - owenza uGrade 11 kulesi sikole, ubethatha ibhodi lakwaGrade 8 ngoLwesine kanti kukhona umfundi wakuleli kilasi (Grade 8) obengafuni nalo ethi liyasetshenziswa ekilasini labo.

Indaba iqale ngalo uLwesine njengoba laba bafundi kuthiwa bagcine befikisane emandleni, bakhuzwa. NgoLwesihlanu lo wakwaGrade 11 ubuye esehamba nabangani bakhe abangafundi eLihlithemba, behlomile.

OLUNYE UDABA:Kulwe abafundi benyuvesi becwasana ngokwebala

Kuthiwa uvule intuba othangweni lwesikole wangena kulo Grade 8 webhodi lombango wagenca emhlathini lo mfundi abexabene naye. Kuvela ukuthi omunye umfundi obezama ukulamula, ushaywe ngesando ekhanda.

"Kumemeze omama abaphekayo bebona izingane zihlomile, zisho ukuqeda ezinye ngezikhali ngaphakathi ekilasini. Kasikwazanga ukubona thina ngoba igumbi esihlala kulona liqhelelene nale ndawo obekwenzeka kuyona lesi sigameko. Zilimalile impela izingane zaphuthunyiswa kwabezempilo kodwa-ke amaphoyisa akwazile ukungenelela azithatha izikhali," kusho umthombo.

Ilunga lesigungu esilawula isikole, uZikhali (ongathandanga negama lakhe) lisiqinisekisile isigameko lathi sibathusile kakhulu beyisigungu.

"Le ngane iwuhlupho esikoleni, kukaningi ikhulunywa indaba yayo ngoba nomzali wayo ubiziwe phambilini kade kunezinye izinto ebizenza ifaka izingane umoya wokuthi zingawugqoki ngendlela umfaniswano wesikole," kusho uNkk Zikhali. Uthi kazikho izinyathelo ezinqala ezithathelwe lo mfundi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kalikho icala elivuliwe esiteshini samaphoyisa eNdwedwe mayelana nalesi sigameko.

UKwazi Mthethwa okhulumela uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMthandeni Dlungwane, uthe bayakugxeka kakhulu ukungena kwezikhali emagcekeni esikoleni.

Unxuse amaphoyisa ukuba angenelele baboshwe abathintekayo ekulimaleni kwabafundi. Lesi sikole sibhekene nezinkinga njengoba kusanda kumiswa othisha abathathu emasontweni amabili edlule kanti kuqalwa unyaka kuJanuwari kumiswe uthishanhloko, uNana Gcabashe, ngezinsolo zomgunyathi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.