Kugetshengwe umndeni uyofaka itshe lesikhumbuzo emathuneni

2017-03-25 12:02

Tshwane - Amathuna athathwa njengendawo ehloniphekile nenesithunzi, kodwa konke lokhu sekwashintsha njengoba izigebengu sezicuthela abantu kuwona.

Lokhu kulandela ukuthi izigebengu ezintathu zihlasele amalungu omndeni emathuneni aseMabopane eTshwane, kubika iDaily Sun.

UJohn Maduwe, 49, kanye nomkakhe bebenendodakazi yabo nomunye owesilisa obebasiza ngamalungiselelo okufaka itshe lesikhumbuzo ngesikhathi behlaselwa.

“Besilapha emathuneni sizofaka itshe lesikhumbuzo sikagogo ngesikhathi kufika izigebengu zisikhomba ngesibhamu zasiyalela ukuba silale phansi. Lezi zigebengu zisikhuthuzile zathatha omakhalekhukhwini bethu, imali kanye nendandatho yomkami,” kusho uMadewu.

OLUNYE UDABA:Lilimalele emathuneni ikhehla ebeliyovakashela isihlobo

Lo mlisa uthi lezi zigebengu ziye emotweni yabo lapho ezifike khona zacinga ezinye izinto ezingazithatha ngaphambi kokuba zibaleke ngonyawu.

UJohn uthi akakaze acabange empilweni yakhe ukuthi angaketshengwa endaweni ehlonipheke ngale ndlela.

“Kuyacaca ukuthi izigebengu azisabahloniphi abantu asebalala,” kuqhubeka yena.

UCaptain Samuel Sebola okhulumela amaphoyisa uthe uthe kuvulwe icala lakuphanga kuhlonyiwe.

“Akukaboshwa muntu ngalesi sigameko kodwa uphenyo lusaqhubeka,” kusho yena.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.