Kugingqike iloli lihambisa iziboshwa enkantolo eKapa

2017-09-22 12:32

Cape Town – Kulimale inqwaba yabantu ngesikhathi Iloli ebelithwele iziboshwa lishayisana netekisi ekhoneni lika-Eisleben noSpine eRocklands, eKapa.

Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu ekuseni kanti okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Andrè Traut uthi leli loli belihambisa iziboshwa enkantolo.

Babalelwa ku-59 abantu abalimele kulesi sehlakalo.

Abezimo eziphuthumayo abasebenzela izinkampani i-ER24, Metro, Life Healthcare nezinye, baphuthume kule ndawo ngemuva kwengozi.

OLUNYE UDABA:Kubulawe 10 iziboshwa zizama ukweqa ejele

Ngesikhathi befika, bathole itekisi lilele ngohlangothi ngasekhoneni.

Bonke abebesetekisini kanye neziboshwa batholakale belele yonke indawo.

Uthi leli loli lishayisane netekisi. Amaphoyisa amabili kanye neziboshwa ezingu-4 kanye nabo bonke abalimele balashelwe kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.

Okhulumela uMasipala waseKapa uRichard Bosman unxuse abashayeli ukuba baqaphele uma bezohamba kulo mgwaqo njengoba umgwaqo usanda kuvulwa.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.