Kugqamuke umlilo efemini eseNewcastle

2016-07-20 20:31

Durban – Kuqubuke umlilo efemini ekuGutenberg Street, eNewcastle, KwaZulu-Natal, kanti okwamanje akucaci ukuthi kube yini imbangela yalo mlilo.

Ngokusho kwelungu leChinese Chamber of Commerce u-Alex Liu, uthe utshelwe ngumshayeli ngentuthu ebiqhamuka efemini engumakhelwane, kubika iNewcastle Advertiser.

“Ngibe sengithatha izisebenzi zami sanikela kuleli bhilidi ebelisha, sazama ukubhula umlilo,” esho, ngemuva kokushayela abezokuvikela.

OLUNYE UDABA: Kushe ifemu yezinduku zomshanelo

Amanye amabhizinisi angomakhelwane nawo abe esefaka igxalaba asiza kubhulwa umlilo, aqinisekisa ukuthi zonke izisebenzi zikhishiwe kule femu.

ULiu uthe izicishamlilo zifikile zase zichela okokugcina ukuqinisekisa ukuthi umlilo ucime yonke indawo.

Umnikazi wale femu uSusan Ye ubonge abanikazi bamanye amafemu ngokumsiza evelelwe yile nkinga.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.