Kugqekezwe ihhovisi lalowo okhankasela isikhundla esiphezulu ku-ANC

2017-08-23 07:00

Johannesburg - UMatthews Phosa osemjahweni wokuba nguMengameli we-ANC ugqekezelwe ihhovisi alisebenzisela ukuqhuba umsebenzi wokukhankasa.

UPhosa uthi kwebiwe i-server yakhe equkethe imininingwano ebalulekile yalo mkhankaso.

Leli hhovisi ligqekezwe ngoLwesibili endaweni yaseLanseria nokuyilapho abeqhuba khona umsebenzi womkhankaso obhekene enkomfeni yenhlangano kaDisemba.

OLUNYE UDABA:BUKA: ULindiwe Sisulu wethule umkhankaso wakhe wokuba wuMengameli we-ANC

UPhosa, owayenguNdunankulu waseMpumalanga, uchithe impelasonto yonke ekhankasa eGauteng.

Isikhulu okuyisona esihola lo mkhankaso kaPhosa, u-Andile Lili, uthi basola isandla semfene ngalokhu okwenzekile.

"Sisola isandla semfene ngakho konke lokhu ngoba akukwazi ukuthi kungaba wubugebengu nje obungazange buhlelwe. Laba abenze lokhu bebazi kahle ukuthi benzani bebengathathi amashansi," kusho uLili.

Uqhubeke wathi bazokwenza olwabo uphenyo lwangaphakathi ngosizo lwamaphoyisa ukuze babanjwe abenze lokhu.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.